Umhlonishwa IMeya yesiFunda SoGu, uKhansela S.
Mphathi wohlelo, umnyango wami ugcizelela kakhulu ukubaluleka kwekhaya, kanye nokulethwa kwentuthuko esizweni. Yingakho phela konke lapho esihamba khona siye sikuqhakambise ukuthi "umuntu ungumuntu ngekhaya" Ikhaya singalichaza njengesiqalo sawo wonke umuntu. Ikhaya yilapho abantwana bekhuliswa khona bevikelekile bethola zonke izidingo ezizobenza bakhe isizwe sakusasa. Kunobudlelwano obukhulu phakathi kwekhaya nenthuthuko nesizwe esinekusasa eliqhakazile. Ngamanye amazwi uma singawakhi amakhaya angeke sibe naso isizwe. Kuningi kakhulu okwakha ikhaya kodwa isiqalo sokwakhiwa kwekhaya "yindlu". Isithunzi somuntu nakho konke akudingayo ukuze athuthuke kuyalimala kakhulu uma engenalo uphahla akhosela ngaphansi kwalo.
UManzankosi, wahlolisisa izinga lokwantuleka kwezindlu emindenini ukuze unciphise ngokushesha igebe lokuntuleka kwezindlu kulesisifundazwe. Ngemuva kobuyekeza imiphumela, kwasicacela ukuthi mkhulu umsebenzi okusafanele wenziwe ngaphambi kokuthi abantu bakithi babe nezindawo abangazibiza ngamakhaya baphile impilo engcono. Sathatha isinqumo njengoHulumeni onakekelayo ukuthi sizosebenza ngamandla ukuqinisekisa ukuthi abantu bakithi bathola izindawo zokuhlala nokuyilungelo labo ngokomthetho sisekelo wezwe.
Ngamanye amazwi loHulumeni uzibophezele ekutheni wonke umuntu abe nendawo yokuhlala ehloniphekile noma ngabe ukuliphi izinga ngokwezomnotho.
Leli lungelo ngelabo bonke abantu noma ngabe bahlala emadolobheni noma ngabe bahlala ezindaweni zasemakhaya.
Mphathi wohlelo, ucwaningo lusivezela ukuthi kulendawo sinabantu abaningi abahluphekayo. Kulendawo liningi inani labantu bakithi abangasebenzi, kanti nokuthuthukiswa kwabantu bakithi kwezamakhono akuzange kunakekelwe.
Ukusalela ngemuva ngakwezentuthuko kwalendawo kusicacisela ngokusobala isihluku sikaHulumeni wobandlululo ongazange asikhathalele isidingo sokuphucula izimpilo zabantu bakithi lapha.
Akumangazi ukuthi kulendawo sinabantu abangasebenzi abangu 61%. Nakulabo esithi bayasebenza amaholo abo aphansi kakhulu.
R800.00 ngenyanga. Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi lomphakathi udinga ukuba uHulumeni alekelele ngezindlu nangenye ingqalasizinda yentuthuko, ngoba uma kungenjalo, bona ngeke bakwazi nhlobo ukuzisiza ngokwabo ngenxa yezinga lomnotho eliphansi.
Njengoba besengishilo, konke kuqala ngekhaya. Noma umcimbi wethu ungaqondene nokwethulwa kwezinye izinkonzo zomphakathi, kufanele ngithinte lokho okuyisidingo okwenza ikhaya lifudumale kubuye kusimamise izimpilo zabantu. Kulendawo enye yezinkinga ebhekene nomphakathi wudaba lwamanzi.
Ziningi izimbangela zalokhu phakathi kokunye yisomiso esivamise ukuhlasela kulendawo. Kodwa kuze kube yimanje uHulumeni wethu usebenzisana noMkhandlu kamasipala uGu wenza komke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abantu bakithi lapha bayawathola amanzi ahlanzekile.
Isifiso sikaloHulumeni wethu ngesokuthi wonke umuntu abe nendawo yokuhlala ephephile. NjengoHulumeni sisebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukwakhela abantu bakithi izindlu ukuze nabo baziqhayise ngokuba namakhaya asesimeni esifanele nabuyisa isithunzi sabo.
Umsebenzi esiwethula namuhla ubandakanya nezindlu zangasese. Lokhu kuyahambisana kakhulu nomgomo kaHulumeni wokwenza ngcono izimpilo zabantu. Isibalo sabantu abadinga ukuhlinzekwa ngezindlu zangasese ezifanelekile sisephezulu kakhulu kulendawo.
ekulesisimo - lona ngu 73% wemizi yonke elapha endaweni. Njengoba besengichazile, ikhaya kumele lifudumale. Ukungabibikho kwezindlu zangasese ezisezingeni elifanele kubeka izimpilo zabantu engcupheni kwehlise nesithunzi sabantu bakithi. Kungalesisizathu sesithathe amagxathu abanzi okulekelela bonke omasipala ukuba baqinisekise ukuthi ngokushesha abantu bakithi bathola intuthuko ehlanganisa izindlu, amanzi, ugesi nezindlu zangasese eziphephile.
Njengoba sithula loluhlelo lokwakhela abantu bakithi lapha izindlu, loluhlelo luzoletha nezinye izidingongqangi zomphakathi. Kuyasijabulisa ukubona ukuthi umasipala woGu usuvele uphezu kwemizamo yokulungisa ukuhlinzekwa komphakathi ngezindlu zangasese ezifanelekile.
R4,6million wokulekelela umphakathi wakithi lapha eZinqoleni ukuba uthole izindlu zangasese ezihlanzekile.
NjengoNgqongqoshe kuyongijabulisa ukubona isivinini okwenziwa ngaso umsebenzi sikhuphuka ngoba abantu bakithi kudala bazilindela lezizinto.
Mphathi wohlelo, enye inselelo esibhekene nayo ekufudumezeni amakhaya ukungabibikho kukagesi. Angizogxila kakhulu lapha ngoba umsebenzi usuqalile.
Sinemizi engu 1789 okufanele siyilethele ugesi ngalonyaka njengengxenye yomkhankaso wethu wokuthi okungenani wonke umuntu abe nogesi ngonyaka ka2012.
Mphathu Wohlelo simi lapha namhlanje ngokukhulu ukujabula. Sijabule ngoba imindeni ebikade ingenawo amakhaya namhlanje izothola ukwakhelwa amakhaya athi bona. Namhlanje lemindeni izodla izithelo zokufika kwentando yeningi ngokuthi kuqaliswe uhlelo lokwakhelwa abantu bakithi kulendawo izindlu.
Ukwakhiwa kwezindlu lapha kusho ukuthi nezingane zethu sezizokwazi ukwenza imisebenzi yazo yesikole endaweni ephephile nengcono nokuzokwenza nezinga lemiphumela yazo lithuthuke. Ngempela manje sesingasho kugcwale umlomo ukuthi impilo engcono ifikile lapha eZinqoleni.
Thina njengomnyango wezezindlu sikholelwa ekutheni ukwakhiwa nokuthuthukiswa kwezindlu kufanele kuhlomulise wonke umuntu akukhathalekile ukuthi uhlala emakhaya noma edolobheni. Sikholelwa wukuthi abantu bakithi ikakhulukazi labo abahlala emakhaya kumele bakwazi ukuthola usizo lukahulumeni nezingqalasizinda, njengemigwaqo, amanzi nogesi. Indlu phela inika umuntu isithunzi, iyindawo oyibiza ngekhaya, iyindawo yokuphepha nekunika ubunikazi.
Mphathi wohlelo, maKhansela namaKhosi aseNdlunkulu, ikhaya yilapho siphuma khona siyekosebenza sibuyele khona ntambama. Imigwaqo esuka emakhaya isixhumanisa nezindawo eziningi, kungaba ezokuthenga, yilapho sisebenza khona, imitholampilo, kanye nolunye usizo esiludingayo. Ngibonile ukuthi kulendawo sinenkinga yokulungisa imigwaqo ikakhulukazi lena engenela ezindaweni zamaKhosi.
Ohlelweni lomnyango wethu lokusungula izindlu zezifunda zamaKhosi, ngikubalulile ukuthi kumele kube nokusondelana okukhulu phakathi komasipala kanye nalezizindlu zabaHoli bakithi bomdabu.
AmaKhosi abe yinxenye yezinhlelo yokuletha intuthuko ehlelekile kubantu bawo.
Nginethemba-ke lokuthi uma lezizindlu seziqalile, akukho okuyosivimba ekuletheni intuthuko ngoba wonke umuntu uyobe eseyingxenye yezinhlaka zikaHulumeni zokuletha intuthuko kubantu.
Besengichazile ngenkathi ngendlalela isethulo sami ukuthi iziqubulo zethu ziqhakambisa ikhaya, intuthuko nesizwe. Sengichazile ukuthi indlu isekhaleni lokusunguleka kwekhaya. Ngamanye amazwi uma ingekho indlu kungaba nzima kakhulu ukwakha ikhaya. Sengichazile futhi ukuthi uma seyakhiwe indlu kunezinkonzo esizilethelwa uMasipala ezenza impilo nesidima sobuntu kusimame.
Okunye okubaluleke kakhulu, ubuholi bufanele bubambisane ekwenzeni wonke lomsebenzi ube yimpumelelo. Ingxenye yesibili yesiqubulo somnyango ithinta abaholi abamqoka okungamakhosi namakhansela kaMasipala. Mangibike ukuthi ubukhosi bakwaVukuzithathe bubambisene nomphakathi ibona obasungula lomsebenzi. Kube khona ukubambisana okukhulu phakathi kobukhosi noMasipala okuholele empumelelweni yalomsebenzi.
Lokhu kubambisana kudingeka kakhulu ukuze imisebenzi enjenga lena ibe yimpumelelo. Lomthetho uphendula imibuzo eminingi, uqeda ukudideka mayelana nendima edlalwa yilemikhakha emibili yokuphatha.
NjengoHulumeni sesihambe ibanga elide sihlaziya amaqhinga okwakhela abantu abahluphekayo izindlu emakhaya ngaphandle ngokuphazamisa indlela abaphila ngayo. Indawo yasemakhaya ingaphansi kweNgonyama Trust. Uma sizokwakha kuyo kunemithetho nemigomo okufanele siyilandele. Ngijabula kakhulu ukubika ukuthi ukwakhiwa kwezindlu lapha kube umsebenzi wokuqala ogunyazwe emveni kokuphuma koHlaka olufanele lulandelwe uma kuthuthukiswa izindawo ezingaphansi kweNgonyama Trust olwashicilelwa ngo July 2004.
Mphathi wohlelo, inselelo enkulu ekusunguleni umsebenzi onjengalona ukwanelisa izidingo zomthetho mayelana nenhlabathi. Okwesibili ukubhekela ingqalasizinda yezinkonzo zikaMasipala kanye nokubuka imigomo kaHulumeni ukuthi iyovumelana yini nesimo sokufakwa kwezimali zomxhaso.
Ngiyawuhalalisela umphakathi ngokuthi abasebenzi nabaholi bakwazile ukuhlanganisa konke okudingekayo ukuze lomsebenzi ugunyaziswe. Ngiyazi ukuthi abanye abazithandi lezizindlu esizakha emakhaya, baze basho nokuthi thina sifuna ukuphendula izindawo zasemakhaya zibe amalokishi. Akusilona iqiniso ukuthi uma kwakhiwa emakhaya kwakhiwa amalokishi. Eqinisweni lilonke, kukhona imizi lapho oye ubone khona ukuthi uma lina noma kunomoya omkhulu, abantu bakulowo muzi abanayo ngisho eyodwa nje indlu eqinile lapho bengakhosela khona ukuze baphephe kulesosimo abasuke bebhekene naso.
Kulomsebenzi, singumnyango sizolekelela abantu ukuthi bakhelwe lapho behlala khona . Seyiyonke imizi eyakhiwayo ngaphansi kukamaziphathe waKwaVukuzithathe ingu 1165.
Umnyango wethu ufake isamba semali eyizigidi zamarandi okusala kancane zihlanganise amashumi amane (R39 888 842.75).
Mphathi wohlelo, njengenqubo-mgomo emsebenzini onjengalona, lemali iningi layo liya kubantu bendawo. Kunamathuba omsebenzi amaningi azodaleka ngokusunguleka kwalomsebenzi. Izimboni ezakhelene nalendawo iningi impahla ezizoyikhiqiza. Kuyinqubo kaHulumeni ukukhuthaza abakhiqhizi basendaweni ukuba bakhe impahla esetshenziswayo. Ngaphezu kwalokhu silindele ukubona ukuqeqeshwa kwabantu okuyobabeka ethubeni lokuthola eminye imisebenzi.
Lokhu kuyosilungisa kakhulu isimo esibuhlungu sokungatholi amathuba emfundo engisichaze ngesikhathi ngiqalisa inkulumo yami.
Ngokwethula kwethu lomsebenzi namuhla sihlahla indlela ezokwenza kube lula ukulethwa kwezidingo emphakathini. Besengichazile ukuthi uMasipala wesifunda ubhidlangile ulungisa isimo samanzi kanye nezinye izinkonzo. Kuye kungabi lula ukulungisa lezizimo uma isakhiwo sendlu singesihle. Abacwaningi bayavumelana ngokuthi ukuletha ugesi namanzi emjondolo ongakhekile kahle kwandisa isimo sengozi.
Emsebenzini wethu wokwakha izindlu ezindaweni ezisemakhaya sihlonipha kakhulu ukuziqhenya kwabantu ngolwazi abanalo lokwakha imizi. Nalapha silindele ukubona imindeni ibhukula yandisa ubuhle nobukhulu besakhiwo esixhaswe ngu Hulumeni.
Mphathi wohlelo ngalamazwi ngigcizelela ukuthi ukuxhaswa kudinga naloyo oxhaswayo asukume kube khona iqhaza alibambayo. Kuzothatha isikhathi kwabanye ngaphambi kokuba izidingo zabo zonke zaneliseke. Kulaba abahlwempu ngiyabakhuthaza ukuba baxoxisane noMasipala ngo sizo abangaluthola.
Mphathi wohlelo, sengiphetha, umnyango wami ulindele lomsebenzi ukuba ube sewuphelile ngomhlaka 31 ku March 2008. Lokhu kuchaza ukuthi masisukume sonke sizinikele. Ngalamazwi ngibika ukuthi lomsebenzi sewusunguliwe ngokomthetho.
